Isandla

3 views

Lyrics

Jehovah Nkulukulu wami
 Ngizisondeza phambi kwebuso bakho
 Ngigucile ngamadolo ngibheke phansi
 Ngizifihla ubuso bami nje ngiswabile nkosi
 Ngiswabiswa imisebendzi yezandla zethu
 Ngiswabiswa ububi izandla zethu ezibendza mihla yonke
 Namhlanje nkos'yami yasemazulwini
 Ngigucile ngyakuthandaza
 Ngiyacela baba ngivumele ngikhulume nomuntu
 Ngivumele somandla ngikhulume nesidalwa sakho
 Namhlanje ngenze umbhuli wesandla
 Ohh ungangenzi umahluleli nkos'yami
 Ngenze umbhuli wesandla baba ungiphe amehlo omoya
 Ohh mfowethu bheka isandla sakho
 Namhlanje sivule usbhekisise
 Ubone ukungcola nokuswabisa kwaso
 Izolo lokhu besakha ngenhlonipho nothando olumangalisayo
 Lapho sibambe khona sibamba kucine
 Siduduza futhi sijabulisa
 Ukufudumala kwaso kulalisa ngisho nosana oluncane
 Namhlanje abazali bethu balele emathuneni
 Ngenca yezandla zethu
 Amakhaya ezihlobo nabangani avalwe ngamahlathi
 Ngenca yezandla zethu
 Isandla sala umuntu asithandaza
 Aguce ngamadolo asincenga
 Athi yooo, ungangibulali
 Kodwa sona isandla sochubeka sihlabe kucitheke igazi
 Sala ngisho ingane encane imemeza
 Ngezwane ithi uyangilimaza
 Kodwa sona sochubeka sihlabe kucitheke igazi
 Isandla syakubhambhatha sikufudumeze
 Uzwe imizwa yomzimba igijima
 Sibuye sikwenzele ukudla sikufakele ushevu
 Ufe uphele wonke umndeni
 Namhlanje izandla zethu sishiye ishoshwa
 Zashiya neyintandane
 Imizi eminingi ikhala ibhungane ngenca yezandla zethu
 Ngabe kwenzenjani ngezandla zethu
 Mzalwane wami bheka izandla zakho, usbhekisise
 Ngabe izandla zeciniso na
 Ngabe isandla sakho isandla senyembezi na
 Ngabe izandla zegazi na
 Ngabe siyakha noma siyabhidliza na
 Uthi u Davide indodana ka Nkulukulu
 Oh ngyacela nkosi ngiwele ezandleni zakho
 Ngingaweli ezandleni zomuntu
 Ngoba isandla somuntu syasabekha Nkosi
 Sidinga uncedo
 Sidinga insindiso bawo
 Oh Bawo hawukela izandla zethu
 Faka uzwelo ezandleni zomuntu
 Ngegama lenkosi yethu uJesu Krestu
 Ngicela uthando ezandleni zomuntu
 Faka inhlonipho ezandleni zomuntu
 Oh! Nkos'yami asikuthumi baba
 Syakucela nkosi
 Nceda izandla zethu
 Ngegama lenkosi yethu uJesu Krestu
 Baba syakuthandaza
 Sincede baba
 Amen
 Siyafa siyaphela sonke, sonke emhlabeni
 Uh mas'khulume, mas'khulume
 Mas'khulume
 

Audio Features

Song Details

Duration
04:36
Key
7
Tempo
81 BPM

Share

More Songs by Rebecca Malope

Similar Songs